UbuProthestani
UbuProthestani buwuhlobo wobuKristu bobuZiqu zintathu obuqala ngeNkathi Yenguquko yamaProthestane. Igcizelela ukulungiswa kwezoni ngokholo kuphela, imfundiso yokuthi insindiso ivela ngomusa kaNkulunkulu olunikezwa ngaphandle kokufaneleka, ubupristi bawonke amakholwa, kanye iBhayibheli njengomthombo owodwa ongenaphutha wokholo nominqubo evumelekile wobuKristu. Kunizigwebo ezinhlanu zesekelo yenkolo yamaProthestanti efingqa ezibizwa izizodwa ezinhlanu.
- Ngebhayibheli lodwa: ibhayibheli kuyiwona kuphela yemibhalo yenkolo egunyaziwe ukukholwa kuyona nezimfundiso zayo nokuthi yonke imiyalelo nemifundiso yenkolo kufanele ivivinywe ngendlela iqondana neBhayibheli
- Ngomusa wodwa: insidiso itholakala ngokmusa kaNkulunkulu kuphela. Lokhu kuchaza ukuthi izenzo zomuntu ngeke zimsindise. Amanye amaProthestani ekholwa ukuba izenzo ezinhle ziwuphawu lwokwamukela uJesu njengenkosi nomsindisi
- Ngenkolo yodwa: insindiso otholwa ngokukholwa kakhulu ngokubhabhadiswa
- NgoJesu eyedwa: amapristi awadingeki ukwenza amasakhramente (amasiko akhethekile angcwele).
- Ngendumo kaNkulunkulu yodwa: uNkulunkulu nguyena yedwa ofanelwe ukudumiswa kanjalo akufanelanga ukuthi amaKristu adumise uMariya, izicwebi kanye nezingelosi.
Inguquko yobuProthestani iqale eMbusweni oNgcwele wamaRoma (iJalimani) nge-1517 ngenxa kamfundisi uMartin Luther owayephikisana nendlela iSonto lamaKatolika lefundiso ezinto eziyiphutha, nokuhlukumeza kwabakholwa. uMartin Luther ushicilele Imichachiso eyingamaShumi ayisiShiyagalolunye nesiShiyagalolunye kakhulu ngoba wayengathandi indlela abafundisi badayisa ukuxolelwa kwezono. Futhi, uMartin Luther wayengavumi nemfundisso yoluba abantu bekufanele bancike ezimfundisweni zesonto ngaphandle komqondo wabo weBhayibheli mayelana ezenkolo futhi nokuthi bebancike esontweni ukuxhumana noNkulunkulu. Ubizo kaProthestani uvela kwizincwadi zokuphikisana (ngesiNgisi protest) ezakhishwa amakhosana ayisithupha woMbuso oNgcwele WamaRoma kanye nemingameli yamadolobha ayishumi nane aKhululekile woMbusi ezazingavumelani nesinqumo soMgwamanda waseSpeyer nge-1529 sokukhawula izimfundiso zeNguquko.
UbuProthestani bunamagatsha ambalwa:
- UbuLuthela: Amabandla lawa avela eJalimani, eNyakatho Yurophu
- Ubu-Anglican: Buvela eSontweni laseNgilandi, lagcwala emhlabeni ngenxa yoMbuso wamaBhulithani.
- UbuWesile
- UbuKhalivini
- UbuBhabhadisi
- UbuPentakosti (ngaphandle kwe-Oneness Pentacostalism engakholwi kuziqu zintathu)
- Ubuzimela
UbuProthestani buvumelana neningi lezinkolo eziyisisekela zeSonto lamaKatolika, amaSonto wamaBhizantini kanye namaSonto aseMpumalanga: uNkulunkulu (onumninimandla onke nomdala wezulu omhlaba, ongaqhathaniseki, okungekho uNkulunkulu ngaphandle kwakhe) umunye nakuba angabantu abathathu, uJesu ukhona kwiSidlo seNkosi (nakuba bangavumelani ngndlela noma isiguxazeki akhona ngayo). Kodwa baphikisana nobuphakeme kukaPapa. Ababoni ngaso linye mayelana umbuso wamabhishobu nesandulelo sabaphostoli, umshado wabobulili obufanayo, ukuqokwa noma ukugcokwa kwabafundisi abesifazane.
